Ziningi izifo esizithola ngokofuzo kubazali bethu kanye nakogogo nomkhulu bethu. Kuncane noma akukho esingakwenza ukugwema lezi zifo.
singadli ukudla okunomsoco nalapho singayinakekeli imizimba yethu zingasingena lezi zifo.
Lezi zifo kuthiwa yizifo ezibangwa yindlela esiphila ngayo.
Leli bhukwana liqukethe ulwazi ngezinto ongazenza ukugwema lezi zifo.
Khumbula umzimba ungowakho. Impilo yakho isezandleni zakho. Ngakho zinakekele.
Ukuzinakekela thina ngokwethu.
Ukudla kuyisidingo esibalulekile empilweni. Ukudla kwenza sikuthokozele ukuphila. Awucabange nje ukuthi sikuthokozela kanjani ukudla okumnandi nemindeni yethu nokuthi kuba kubi kanjani emaphathini uma kungekho ukudla okumnandi.
Ngesikhathi sithokozela ukudla okumnandi, kubalulekile ukudla ngendlela enobuhlakani. Funda leli bhukwana ukuze uthole ulwazi lokuthi yingani ukudla kubalulekile nokuthi kumele sidle kangakanani.
Funda udaba lukaDudu...
Qedani idokwe lenu elinobisi bantwana sekuyisikhathi sokuthi niye esikoleni. Pic.
Ukudla okunomsoco kunisiza ukuba nifunde kahle. Pic.
Imizimba nemiqondo yabantwana esakhula idinga isilinganiso esifanele sokudla nsukuzonke ukuze ikhule kahle. Pic.
Dudu awusho, isilwane esikhulu njengelasi kwenzeka kanjani ukuba sithole zonke izidingo zaso otshanini Pic?
Rachel umzimba womuntu usebenza ngendlela ehlukile. Sidinga ukudla okunempilo okwakhiwe yizinhlobo ezihlukene zokudla ukuze sihlale siphile kahle futhi sinamandla. Pic.
Ngena uzophuza itiye Dudu, kukhona nekhekhe elimnandi esiliphathelwe ngudadewethu edolobheni asebenza kulo. Pic.
Ngizocela ungiphe ucezwana nje lwekhekhe, ngiyabonga. Pic.
Kodwa ukuba nolwazi lokuthi kumele sidleni kungasisiza ekutheni sigweme ingozi yokukhulaphala, sihlale sinesisindo esifanele ngokudla ukudla okufanele futhi okuyisilinganiso esenele. Pic.
Lezi yizithombe zebhola zendodana yami. Ingumlandeli omkhulu weBafana Bafana. Pic.
Lapha-ke uyawubona umehluko wokuthi laba bantu badinga ukudla okwehlukile ngoba ukudlala kwenza ukuthi bahlale benyakaza kungafani nodadewenu osebenza umsebenzi wasehhovisi. Pic.
Kuleli bhukwana sikhuluma ngokudla ngendlela enempilo. Ukudla yilokho esikudlayo noma esikuphuzayo ukuze sihlale siphila. Kumele udle ukudla okufanele ukuze uhlale uphilile, usebenze kahle futhi uphile isikhathi eside.
Konke ukudla kunezinto ezimbili ezisenza siphile: amandla kanye nezakhamzimba.
Imoto kumele ibe nophethroli ukuze ikwazi ukuhamba. Ngendlela efanayo ukudla kunika umzimba wakho amandla okuhamba nokwenza izinto ofuna ukuzenza.
Izakhamzimba yizondlo ezitholakala ekudleni. Lezi zondlo zinamagama ehlukene kanti futhi zenza imisebenzi engafani emizimbeni yethu. Izakhamzimba ezakha umzimba wakho zikugcine unamandla zibizwa ngamaphrotheni. Kuthi izakhamzimba ezikuvikela ekuguleni zibizwe ngamavithamini namaminerali.
Lokhu kudla kuqukethe kakhulu izakhamzimba ezisivikelayo, amavithamini namaminerali.
Khumbula njalo ukugeza izithelo nemifino ngaphambi kokuthi ukudle.
Lokhu kudla kusinikeza amandla. Okunye ukudla okungena kulo mkhakha ngamantongomane namalentela.
Idayethi isho ukudla okudla nzuku zonke. Ukuze uthole zonke izakhamzimba namandla owadingayo kumele udle ukudla okwehlukene zonke izinsuku. Ukuze idayethi yakho kube ngenempilo, kumele ufake ukudla okukodwa noma ngaphezulu okuyizondlamzimba kanye nokunye okubili noma ngaphezulu okunezivikela mzimba kuleso naleso sidlo osidlayo. Zama ukukhetha ukudla okwehlukile zonke izikhathi.
Okunye udinga ukudla kabili noma kathathu ngosuku. Okunye kwalokhu kudla kumele ukudle ekuseni. Izingane kumele zithole ezizokudla ngaphambi kokuba ziye esikoleni. Khumbula ukuthi abantwana kumele bade bethola abazokudla phakathi nezikhathi zokudla ngoba izisu zabo zincane ngakho abakwazi ukudla kakhulu ngasikhathi sinye.
Ukudla kwezwe lethu kuyilungele idayethi enempilo. Okusempeleni idayethi yendabuko yokhokho bakho (nesalandelwa ngabantu abaningi) iyidayethi enempilo.
Ukudla okunomsoco okudla nsuku zonke okufana nombila, irayisi, amabele, isinkwa, amazambane kubizwa ngokuthi wukudla okusemqoka. Lokhu kudla kukunikeza amandla, kwakhe umzimba kuphinde kuwuvikele. Lokhu kudla kuyasuthisa. Ngenxa yokuthi akucolisakele zikunika lokho kuhhadlazela okudingwa ngumzimba.
Okubi wukuthi abanye abantu bayakukhohlwa ukudla okusemqoka. Banele bathi bangaba nemali yokuthenga ukudla okubizayo.
Abantu bavama ukufaka izinongo kanye nokokunikeza ukudla umbala (njekhari, usawoti, uphepha noshukela) ukuze ukudla kambitheke kamnandi.
Iningi lalezi nongo nokokunika umbala akunazondlo okuzinika umzimba. Yize umzimba wakho uwudinga usawoti, kumele ube yisilinganiso esincane kakhulu nsuku zonke; isigamu sethisipuni ngosuku. Vama ukugwema ukudla okunosawoti okufana nophayi namazambane agazingiwe.
Izidlo zokuthiba indlala ziwukudla okulula okudliwa phakathi kwezikhathi zokudla. Ukuthiba indlala phakathi kwezikhathi zokudla kuyasiza ngokugcina umzimba wakho usesimeni esifanele usuku lonke. Izingane ziyadinga ukuthola okokuthiba indlala phakathi kwezikhathi zokudla. Ukuthiba indlala kubalulekile kodwa uyadinga ukuqikelela izinhlobo zokudla ozisebenzisela lokhu. Abantu abaningi indlala bayithiba ngokudla okufana namazambane agazingiwe, amaswidi, oshokolethi, iziphuzo ezibandayo, amakhekhe, amabhisikidi, itiye kanye nekhofi. Okubi wukuthi zonke lezi nhlobo zokudla azikona ukudla okunempilo. Futhi ziyabiza kakhulu.
Khuthaza ingane yakho ukuba ithenge izithelo kuphela kubathengisi.
Ukhumbula ukuthi izidlo zokuthiba indla akumele zithathe indawo yokunye ukudla okunempilo.
Cishe izingxenye ezimbili kwezintathu zomzimba womuntu zakhiwe ngamanzi kanti zonke izicubu zomzimba zinamanzi.
Amanzi awanazo izakhamzimba ezitholakala ezinhlotsheni ezihlukene zokudla kodwa ayadingeka emzimbeni.
Okusempeleni zonke izinto eziphilayo okuhlanganisa izilwane nezitshalo ziyawadinga amanzi.
ukusiza umzimba ukuba ukhiphe ukungcola okungaphakathi kuwo.
Kudingeka umuntu aphuze okunganeni izingilzi eziyisithupha zamanzi ngosuku ukuqiniseka ukuthi umzimba unamanzi enele. Umzimba wakho ulahlekelwa ngamanzi amaningi lapho kushisa, ngokuthi ujuluke nalapho uchama. Uma kushisa uzizwa womele amanzi, lokhu kusuke kudalwa wukuthi umzimba wakho usuke udinga amanzi.
Impilo yethu incika kulokho esikudlayo. Idayethi enempilo izokunika amandla enele bese kuthi lezi ezinye izakhamzimba zisize ekukhuleni, ukugcina umzimba wakho uphilile ukuze ukwazi ukusebenza, ukudlala nokwenza ezinye izinto ofisa ukuzenza.
Laba bantu bawadinga kakhulu amandla.
Yisilinganiso esingakanani sokudla okunika "amandla" umuntu okumele asidle?
Asibheke isilinganiso sokudla okumele ukudle. Ukuthi (ikakhulu ukudla okunikeza amandla) udla ukudla okungakanani kuzoya ngokuthi wena udingani. Abantu abehlukene banezidingo ezehlukene zamandla.
Ingane isuke idla isilinganiso esenele sokudla okunikeza amandla uma ikhula kahle. Khuluma nomhlengikazi wasemtholampilo ukuzwa ukuthi ngabe ingane yakho ikhula kahle yini.
Umuntu omdala usuke edla isilinganiso esilungile sokudla okunikeza amandla uma ehlala enesisindo esifanele somzimba. Khuluma nomhlengikazi wasemtholampilo ukuze akusize ngesisindo esifanele somzimba wakho.
Uma umuntu edla ukudla okuningi okunika amandla kunesilinganiso esidingwa ngumzimba, lokho kudla okungasebenzanga kugcinwa ngumzimba kuphenduke amafutha. Bese umuntu ebonakala ekhuluphala. Umuntu okhuluphele ngumuntu onamafutha amaningi emzimbeni. Umuntu odla kancane ukudla okunikeza amandla kunalokho okudingwa umzimba ubonakala ngokuzaca ngoba umzimba usebenzisa lonke ifutha olitholayo ekwakheni amandla.
Idayethi yakho kumele ibe nempilo kanti kumele udle ukudla okwenele ukufeza izidingo zomzimba wakho.
Ukungadli izinhlobo ezehlukene zokudla zonke izinsuku.
Ukudla ukudla okucolisakele esikhundleni sokudla okusha kwendalo.
Ezinsukwini zanamuhla baningi kakhulu abantu abakhuluphele ngokweqile kunasesikhathini saphambilini ngenxa yokuthi sebeshintshe indlela abaphila ngayo nabadla ngayo.
Abantu badla ukudla okunamafutha okufana namazambane agazingiwe esikhundleni sokudla uphuthu.
Abantu bavama ukuthosa ukudla emafutheni kunokuthi bakubilise lokhu yingoba kulula futhi kuyashesha ukuthosa.
Abantu bavama ukuthenga ukudla okunothe ngamafutha okufana nenkukhu ethosiwe, upholoni kanye nophayi.
Abanye abantu baphuza kakhulu iziphuzo ezidakayo nobhiya.
Abantu abasenzi imisebenzi eyenza banyakazise umzimba njengoba kwenzeka phambilini.
Abanye abantu badla isilinganiso esikhulu sokudla ngasikhathi sinye noma badle okokuthiba indlala okungalungile phakathi kwezikhathi zokudla.
Yingani kungalungile ukuba mkhulu ngokweqile emzimbeni?
Abantu abakhuluphele ngokweqile banamafutha amaningi emzimbeni. Lokhu kuvama ukubadalela izinkinga kunabantu abangakhuluphele.
Lezi nkinga zingenza ukuthi abantu bakhubazeke kokunye bafe besebancane. Njengoba ubona akuyona neze into elungile ukukhuluphala ngokweqile.
Yidla ukudla okungqakazekile okufana nesinkwa sikakolo, i-othi, ubhontshisi, ama-lethilisi izithelo kanye nemifino. Lokhu kudla kuzokusiza ekunqandeni indlala.
Yidla kathathu izilinganiso ezincane zokudla ngosuku. Qala lonke usuku ngesidlo sasekuseni. Uma kuba nesikhathi sokudla esikweqayo, uyalamba bese ufuna ukudla ngokweqile lapho uthola ukudla.
Abanye abantu bayancipha emzimbeni ngokwehlisa nje isilinganiso sokudla.
Yidla kancane ukuhlafunisise ukudla kwakho.
Yidla isilinganiso esincane sokudla ngesikhathi bese uyema lapho uzwa ukuthi usuthi.
Uma uphuza amanzi amaningi phakathi kwezikhathi zokudla awuzukuyizwela kakhulu indlala.
Ukuphuza iziphuzo ezidakayo kwenza ukhuluphale. Musa ukuphuza utshwala.
Lezi yizinhlobo zokudla okunika amandla okumele uzame kakhulu ukuzigwema.
Ushukela: Gwema ushukela omningi ekhofini, etiyeni, edokweni, kumaswidi, eziphuzweni ezibandayo, ku-ayisikhrimu, kujamu, uju, amakhekhe nophudingi.
Ukudla okucolisakele: Nciphisa ekudleni okufana nesinkwa esimhlophe, irayisi elimhlophe, uflawa omhlophe, ukudla okusemathinini kanye nezinye izinyama ezenziwe zathamba njengopholoni. Lokhu kudla kuyakunika amandla kodwa zimbalwa izakhamzimba kukona futhi akugqakazekile.
Owoyela namafutha: Owoyela namafutha banika amandla kanti kumele isilinganiso sabo sincishiswe kakhulu. Izibonelo zalokhu kudla yibhotela, amafutha engulube, ushizi onolaza, imajarini, ukhrimu, owoyela, inyama enonile, amazambane agazingiwe athoswe ngamazambane namasoseji. Sebebenzisa isilinganiso esincane sowoyela lwezitshalo lapho upheka, futhi, ugweme ukukuthosa ukudla. Sika ususe amafutha enyameni kanjalo nesikhumba senkukhu ngaphambi kokuba uyipheke (amafutha amaningi atholakala ngaphansi kwesikhumba). Sebenzisa ubisi olunganamafutha amancane kunokusebenzisa ubisi olwejwayelekile.
Iziphuzo ezidakayo nobhiya: Qhela impela eziphuzweni ezifana nalezi. Uma kuwukuthi uyafuna impela ukuziphuza, nciphisa isilinganiso osiphuzayo otshwaleni nasobhiyeni.
Ungasisiza yini Dudu?
Nginenkinga ngesisindo sami. Ngikhuluphele kakhulu kanti udokotela ungeluleke ngokuthi kuzomele nginciphise umzimba.
Umngani ungeluleke ngokuthi uma njalo ekuseni ngingaphuza ingilazi lamanzi afudumele nejusi yelamula lokho kungangisiza ekutheni kunciphe isisindo somzimba wami. Ngiyakwenza lokhu kodwa angiboni mphumela.
Into engakusiza ekunciphiseni isisindo somzimba wakho wukunciphisa isilinganiso sokudla okudlayo, ikakhulu lokho kudla okunika umzimba amandla, futhi uvocavoce umzimba. Qiniseka ukugwema ukudla okufana noshukela, ukudla okucolisakele, utshwala, owoyela namafutha. Khumbala ukuthi imbangela yokukhulupha wukudla ukudla okungaphezulu kwesilinganiso esidingwa ngumzimba wakho, futhi uma lokho kudla kuyinhlobo enika amandla. Ingilazi lejusi yelamula uma lilodwa angeke likusize.
Henry, into engakusiza wukudla ukudla okunomsoco. Ugweme ukudla okunikeza umzimba amandla, udla kakhulu izithelo nemifino, ungadli lutho phakathi kwezikhathi zokudla futhi uvame ukuzivocavoca. Ngaleyo ndlela nakanjani uzoncipha emzimbeni.
Ngelinye ilanga ngaya kudokotela. Wathi kunokuphakama kwezinga legazi emithanjeni yami (high blood pressure). Wangitshela ukuthi le nkinga ingaba ngcono uma nginciphisa isisindo somzimba.
Yini okumele ngeyidle ukuxazulula le nkinga yokuphakama kwezinga legazi?
wukuba nomzimba omkhulu ngokweqile ngenxa yokudla ukudla okunika amandla okungaphezulu kwesilinganiso esidingwa ngumzimba wakho.
Kuzomele uqiniseke ngokuthi uyanciphisa kulokho kudla okunika amandla. Uqiniseke ukuthi udla idayethi enempilo. Ngamanye amazwi kumele udle ukudla okunezondlo ezakha umzimba, okufana nenhlanzi nobhontshisi kanye nokudla okuyizikela mzimba okufana nezithelo nemifino. Yidla zilinganiso ezincane zalokhu kudla.
Gwema ukudla okunika kakhulu amandla okufana noshukela, ukudla okucolisakele, amafutha nowoyela, ubhiya kanye notshwala.
Qiniseka ukuthi usebenzisa usawoti omncane ekudleni kwakho ngoba usawoti omningi awulungile. Kubalulekile nokuzivocavoca umzimba ngakuthola izindlela zokwenza lokhu. Akuthi njalo osukwini lwesibili uzinikeze isikhathi sokuhamba isikhathi esiyisigamu sehora.
Kulesi sithombe kekelezela izinhlobo eziyi- 6 zokudla okunikeza umzimba amandla.
Yikuphi ukudla okunezakhamzimba eziqinisa umzimba (amaphrotheni) Nokunezakhamzimba ezivikelayo (amavithamini namaminerali)?
Faka isiyingi kulokho kudla okugqakazekile.
Bheka ukuthi lona wesifazane udlani. Yini engalungile ngedayethi yakhe?
Dwebela lona wesifazane isithombe sokudla okunempilo okungamsiza ekutheni anciphe emzimbeni.
Hlangana nabangani bakho. Hlelani izidlo ezimnandi nezinempilo. Xoxani ngemibono yenu.
Izithelo nemifino kubaluleke kakhulu kwidayethi yakho, yingani ungazilimeli esakho isivande Isiqinti sesivande esingangomnyango kangalula kakhulu ukuthi usinakekele. Landela imiyalo ekuleli khasi uzame ukuzilimela esakho isivande. Uma unenkinga cela usizo esikoleni sasendaweni yakini?
Isiqinti sesivande sakho senze sibe ngangomnyango. Lokhu ungakukala ngehalavu; ububanzi bube yihalavu elilodwa kuthi ubude bube ngamahalavu amabili.
Kuleyo ndawo oyibekisile, gubha umgodi ofika edolweni (45cm). Yehlukanisa inhlabathi emnyama etholakala ngaphezulu kuleyo eyehlukile oyithola lapho ujula ushona phansi.
Faka izibi oziqoqile zibe yingxenye emgodini. Zonke izibi kumele uziqobe zibe yizicucu ezincane ngaphambi kokuba uzifake.
Manzisa izibi ngoba uma zimanzi ziyashesha ukwakha ukudla kwenhlabathi kunanoma zomile.
Vala umgodi lowo onezibi ezimanzisiwe usebenzisa inhlabathi engu-15cm wenhlabathi ebingaphansi ulandelise ngenhlabathi ebiphezulu. Inhlabathi engaphezulu kumele ingabi namatshe namagade kanti umsele osuvaliwe kumele uphakame ngo-15cm ebangeni lenhlabathi.
Manje usungakwazi ukutshala imbewu yakho wenze imigqa evundlayo.
Itshale ngokuqikelela imbewu. Akumele iminyane kakhulu. Yemboze ngenhlabathi encane ecolisakele futhi eyomile bese uyicindezela leyo nhlabathi ngokucophelela.
Okokugcina, mboza indawo otshale kuyo ngotshani obomile obuwugqinsi olungu-5cm, amahlamvu omile noma ngoqwango.
Chelela isivande sakho nsuku zonke ezinsukwini zokuqala eziyishumi.
Hlukanisa izitshalo zakho lapho ubude bazo sebungama-10 cm.
Vuselela lobu tshani bokwemboza okungenani kanye ngenyanga.
Imifino yakho emilayo izosebenzisa izondlo zenhlabathi ezisemseleni owenzile ngakho kubalulekile ukuthi ufake imvundiso engadini yakho ngaphambi kokuba utshale imbewu entsha kuleyo nhlabathi.
